UJobe 26

26
UJobe Uphendula Inkulumo Yesithathu KaBhilidadi
1UJobe waphendula, wathi:
2 “Umsize kanjani ongenamandla na?
Wayisindisa kanjani ingalo engenamandla na?
3Umeluleke kanjani ongahlakaniphile na?
Wamnika izeluleko ezinhle kangakanani ongenakuqonda na?
4Usizwe ngubani ukuba usho lawo mazwi?
Uwafunzwe ngubani uze ukhulume kanjena na?
5 “Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi,
nakho konke okuhlala kuwo.
6 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe,
asikho isembozo sendawo yokubhubha.
7 Wendlala inyakatho phezu kweze,
aphanyeke umhlaba ezeni.
8 Ubopha amanzi emafini akhe,
ifu alidabuki phansi kwawo.
9 Usibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi,
aneke ifu lakhe phezu kwaso.
10 Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi,
sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama.
11Izinsika zezulu ziyathuthumela,
zethuswa ngukukhuza kwakhe.
12 Unyakazise ulwandle ngamandla akhe;
ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.
13 Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa;
isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo.
14 Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe,
izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye,
kodwa ukuduma kwamandla akhe
ngubani ongakuqonda na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 26: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo