UJobe 21

21
UJobe Uphendula Inkulumo Yesibili KaZofari
1UJobe waphendula, wathi:
2“Walaleleni ngokucophelela amazwi ami;
lokhu makube yinduduzo evela kini.
3 Ngibekezeleleni, ngizakukhuluma,
ningangiklolodela-ke lapho sengiqedile ukukhuluma.
4 “Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na?
Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?
5 Ngibhekeni, nishaqeke,
nibambe ongezansi.
6 Uma ngikhumbula lokhu, ngiyaphazamiseka,
ukwesaba kuhlasimulise umzimba wami.
7 Kungani izikhohlakali ziphila,
zize zibe zindala,
yebo, zidlondlobale
zibe namandla na?
8 Abantwana bazo bekhula
bamiswe phambi kwazo,
nozalo lwazo, phambi kwamehlo azo.
9 Izindlu zazo zivikelekile,
akukho ukwesaba kuzo;
uswazi lukaNkulunkulu alukho phezu kwazo.
10Inkunzi yazo iyakhwela, kayiphuthi;
inkomazi yazo iyazala, kayiphunzi.
11Zikhipha amankonyane azo njengomhlambi;
abantwana bazo bayatshakadula.
12Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,
bathokoza ngomsindo womtshingo.
13 Ziphetha imihla yazo ngokuhle,
zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14 Nokho zithe kuNkulunkulu:
‘Suka kithi, asifuni
ukwazi izindlela zakho.
15 USomandla uyini ukuba simkhonze na?
Siyakuzuzani uma sikhuleka kuye na?’
16 Bhekani, impumelelo yazo isezandleni zazo;
izeluleko zezikhohlakali zikude nami.
17 “Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali
sicinywa khona,
zehlelwe yinhlekelele,
zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?
18 Zifana nezibi phambi komoya,
namakhoba epheshulwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ukubekele abantwana bazo
ukukhohlakala kwazo,
kodwa makabuphindisele kuzo uqobo,
ukuze zikwazi.
20 Mazikubone ukubhubha kwazo ngamehlo azo,
ziphuze intukuthelo kaSomandla.
21Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho,
lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?
22 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi,
Yena owehlulela abaphakemeyo na?
23 “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,
ezinzile, enokuthula.
24 Umzimba wakhe unonophele,
umnkantsha wamathambo akhe ucebile.
25Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,
engakaze adle okuhle.
26 Bayolala phansi othulini kanyekanye,
izimpethu zibemboze.
27Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu,
namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
28 Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,
liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’
29Anibabuzanga yini abadlula ngendlela?
Anibamukeli yini ubufakazi babo
30 bokuthi omubi
uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele,
nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?
31Ngubani oyakumtshela kwezikabhoqo
ngendlela yakhe na?
Ngubani oyakuphindisela
ngalokho akwenzileyo na?
32Uyakuyiswa ethuneni,
kube khona olinda elibeni.
33 Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye;
bonke abantu bayakumlandela
njengokuba bengenakubalwa
nababephambi kwakhe.
34 “Pho ningiduduzelani ngeze,
lokhu ezimpendulweni zenu
kusele inkohliso yodwa na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 21: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo