UJeremiya 7

7
UJeremiya Umemezela Izwi Endlini KaSimakade
1Kwafika kuJeremiya izwi livela kuSimakade, lithi: 2“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi:
“ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade. 3Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Lungisani izindlela nezenzo zenu, khona ngizonenza nakhe kule ndawo. 4Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”
5“ ‘Ngokuba uma nizilungisa ngempela izindlela nezenzo zenu, nenze ubulungiswa ngempela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, 6ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale, 7ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade. 8Bhekani, nethembela emazwini angamanga angenanzuzo.
9“ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na? 10Niyofika yini nime phambi kwami, kule ndlu ebizwa ngeGama lami, nithi: “Sihlengiwe,” ukuze nenze zonke lezi zinengiso na? 11Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.
12“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli. 13Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade. 14Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo. 15Ngiyakunixosha ebukhoneni bami njengalokhu ngenza nakubafowenu, bonke abozalo luka-Efrayimi.’
Ukungalaleli Kwabantu BakwaJuda
16“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela. 17Awukuboni yini abakwenzayo emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na? 18Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami. 19Akuyimi yini abamcunulayo, kusho uSimakade na? Akusibo yini uqobo, abaze bazithela ngehlazo na?
20“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.
21“ ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: thasiselani iminikelo yenu yokushiswa emihlatshelweni yenu, nidle inyama. 22Ngokuba angikhulumanga kokhokho benu, angibayalanga mhla ngibakhipha eGibhithe ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo, 23kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke. 24Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili. 25Kusukela ngosuku okhokho benu abaphuma ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela imihla namalanga. 26Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’
27“Uyokhuluma kubo wonke lawa mazwi, kepha abayukukulalela; uyakubabiza, kodwa abayukusabela. 28Uyothi kubo: ‘Lesi yisizwe esingazange sililalele izwi likaSimakade uNkulunkulu waso, esingakwemukelanga ukuqondiswa; iqiniso lishabalele, lisusiwe emlonyeni waso. 29Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.
30“ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise. 31Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange. 32Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza, kusho uSimakade, lapho ingaseyukubizwa ngeThofethi nesigodi sendodana kaHinomu, kodwa iSigodi Sokubulala, ngokuba bayakungcwaba eThofethi, kuze kungabe kusaba bikho ndawo. 33Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa. 34Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo