UJeremiya 10

10
Akekho Onjengawe Simakade
1Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli. 2Usho kanje uSimakade, uthi:
“Ningayifundi indlela yabezizwe,
ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni,
ngokuba abezizwe bayazesaba.
3Imikhuba yabantu iyize;
ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini,
asixhoze ngembazo;
umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo.
4Abantu bawuhlobise ngesiliva nangegolide,
bawuqongqothele ngesando
nangezipikili ukuze ungawi.
5Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi,
impela uyathwalwa;
ngokuba awuzihambeli.
Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza,
futhi awukwazi ukwenza okuhle.”
6Akekho onjengawe Simakade;
umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.
7Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na?
Ngokuba kuyimfanelo yakho,
akekho onjengawe phakathi kwabo bonke
abahlakaniphileyo bezizwe,
nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.
8Bonke bayiziphukuphuku neziwula.
Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,
9nesiliva elicangcathiweyo
elilethwa lisuka eTharishishi,
negolide lase-Ufazi,
kungumsebenzi wezandla zomcangcathi;
kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane,
konke kungumsebenzi wezingcweti.
10Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso,
uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade;
ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama;
izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.
11“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”
12Umhlaba wawenza ngamandla akhe,
izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe,
izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.
13Lapho eduma ngezwi lakhe,
kuhlokoma amanzi ezulwini;
ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba,
athumele umbani nemvula,
akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.
14Bonke abantu bayiziphukuphuku,
abanalwazi;
bonke ababumbi bathelwe ngehlazo
nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso,
azinamphefumulo.
15Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa,
ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.
16Isabelo sikaJakobe asifani nalaba,
ngokuba nguye okubumbileyo konke;
u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe;
nguSimakade Wamabandla igama lakhe.
Ukumenyezelwa Kokuthunjwa
17Qoqa umshuqulo wakho emhlabathini,
wena ohlezi ekuvinjezelweni.
18Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:
“Bheka, ngalowo mzuzu
ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe,
ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”
19Maye kimi ngenxa yokulimala kwami!
Isilonda sami sibi.
Kepha mina ngithi:
“Impela lokhu yisifo,
ngizosibekezelela.”
20Ithende lami libhidliziwe,
izintambo zalo zonke zigqatshuliwe;
abantwana bami bangishiyile, abasekho,
akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi,
nongigaxela amakhethini ami.
21Abelusi bayiziphukuphuku,
abazange bamfune uSimakade;
ngakho-ke abaphumelelanga,
nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.
22Izwi lombiko liyasondela,
nokuzamazama okukhulu
okuvela ezweni enyakatho,
ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo,
indawo ehlala amakhanka.
Umkhuleko KaJeremiya
23Simakade, ngiyazi ukuthi indlela yomuntu
ayikho ezandleni zakhe
ukuba aqondise izinyathelo zakhe uma ehamba.
24Simakade, ngiqondise ngobulungiswa,
kungabi ngentukuthelo yakho,
funa ungiphendule into engelutho.
25Thululela ulaka lwakho
phezu kwabezizwe abangakwaziyo,
naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho,
ngokuba bamdlile uJakobe;
yebo, bamdlile bamqeda nya,
balenza incithakalo ikhaya lakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo