U-Izaya 53

53
1Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo;
ingalo kaSimakade yambulelwa bani na?
2Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe,
nanjengempande emhlabathini owomileyo;
yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke,
yayingabukeki ukuba siyifune.
3Yayidelelekile, yashiywa ngabantu,
umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula;
yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu,
asiyishayanga nto yalutho.
4Kodwa yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kepha thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
5Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sethu saba phezu kwayo,
ukuze sibe nokuthula;
nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.
6Thina sonke sidukile njengezimvu;
yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe.
USimakade wehlisela phezu kwayo
ububi bethu sonke.
7Yacindezelwa, yahlushwa,
kodwa ayiwuvulanga umlomo wayo.
Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni,
nanjengemvu ithule
phambi kwabagundi bayo,
ayiwuvulanga umlomo wayo.
8Yasuswa ekucindezelweni nasekwehlulelweni.
Ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga
ukuthi yanqunywa ezweni labaphilayo,
ishayiwe ngesiphambeko sabantu bami na?
9Babeka ithuna layo kanye nababi;
ekufeni yayinabenza okubi,
noma ingenzanga ndluzula,
kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
10Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo.
Wenza umphefumulo wayo
waba ngumnikelo wecala.
Iyakusibona isizukulwane sayo,
yenze izinsuku zayo zibe ziningi,
nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.
11Ekuhluphekeni kwayo iyakukubona, yaneliswe.
Ngokwazi kwayo inceku yami elungileyo,
iyakulungisisa abaningi,
ithwale izono zabo.
12Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu,
iyakuhlukanisa impango nabanamandla,
ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni,
yabalwa kanye nezelelesi;
nokho yathwala izono zabaningi,
yakhulekela aboni.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 53: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo