U-Izaya 34

34
Ukujeziswa Kuka-Edomi Nezinye Izizwe
1Sondelani nina zizwe, nizwe,
nina bantu, lalelani!
Mawuzwe umhlaba
nakho konke okuwugcwalisile makuzwe
izwe nakho konke okuphuma kulo.
2Ngokuba uSimakade uthukuthelela izizwe zonke,
ufuthekela yonke impi yazo;
uzakuzibhubhisa,
azinikele ukuba zibulawe.
3Ababuleweyo bazo bayakulahlwa ngaphandle,
kwenyuke ukunuka kwezidumbu zabo,
kuncibilike izintaba ngenxa yegazi labo.
4Ibandla lonke ezulwini liyakuphela,
izulu lisongwe njengomqulu;
ibandla lonke liyakubuna
njengokubuna kweqabunga emvinini,
nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.
5Uma inkemba yami
isidle yaneliswa ezulwini,
iyokwehlela phezu kuka-Edomi
naphezu kwabantu engibamisele
ukubabhubhisa ngesehlulelo.
6USimakade unenkemba;
igcwele igazi,
izinonisile ngamanoni
egazi lezimvana nelezimbuzi,
nangamanoni ezinso zezinqama,
ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira,
uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.
7Izinyathi ziyokuwa kanye nabo,
kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla.
Izwe labo liyogcwala igazi,
nothuli lwakhona lucifike amafutha.
8Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo,
unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.
9Imifudlana iyophenduka ikolitayi,
uthuli lwakhona lube yisibabule,
nezwe lakhona libe yikolitayi elivuthayo.
10Aliyukucinywa ubusuku nemini,
intuthu yalo iyothunqa yenyuke
kuze kube phakade.
Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane,
akukho muntu oyodabula kulo nanini.
11Liyakuba yifa lonogolantethe nenhloli,
kuyohlala isikhova negwababa kulo.
Uyokwelulela phezu kwalo
intambo yokukala yencithakalo,
nomthofu wokumisa okuyize.
12Bayolibiza ngokuthi: umbuso ongelutho,
abantu nezikhulu zalo
bayakuba yinto engelutho.
13Kuyakumila ameva namakhakhasi
ezindlini zamakhosi akhona,
izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi,
nendawo yezintshe.
14Izilwane zasendle ziyakuhlangana nezimpisi,
kuyakumemezana izimbuzi eziyimilalandle,
imimoya emibi yasebusuku, ihlale khona,
izitholele indawo yokuphumula.
15Isikhova siyakuzakhela isidleke lapho,
sizalele kuso, size sichamsele,
sifukamele ethunzini laso;
kuyobuthana khona onhloyile,
yilowo nalowo nomngani wakhe.
16Funani encwadini kaSimakade, nifunde;
akukho nokukodwa kwalokhu okungeyukuvela,
ayikho engeyukuba namngani.
Ngokuba uyalezile ngomlomo wakhe,
noMoya wakhe wakuhlanganisa.
17Ukwenzele unkatho,
isandla sakhe sakukala ngentambo,
sababela, kwaba yifa labo laphakade,
izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 34: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo