UHabhakuki 2

2
UHabakuki Ulindele Impendulo
1Ngiyakuma endaweni yami yokulinda,
ngime embhoshongweni,
ngibheke ukuba ngibone
ukuthi uyakukhulumani ngami,
nokuthi ngiyakuphendula
ngithini ngokukhononda kwami.
2USimakade wangiphendula wathi:
“Bhala phansi umbono,
uwenze ucace ezibhebheni
ukuze owufundayo asheshe nawo.
3Ngokuba umbono usalokhu
ungowesikhathi esinqunyiweyo,
uyakushesha ufike esiphethweni,
awuyukukhohlisa;
nakuba uyakubambezeleka, ulinde,
ngokuba impela uyakufika,
awuyukwephuza.
4Bheka, uyazikhukhumeza,
ingaphakathi lakhe aliqotho,
kodwa olungileyo uzakuphila
ngokukholwa kwakhe.
5Impela, iwayini liyakhohlisa,
umuntu ozigqajayo akahlali ekhaya,
owandisa umphimbo wakhe
ufana nendawo yabafileyo;
akaneliswa njengokufa;
uziwolela zonke izizwe,
aziqoqele bonke abantu.
6Abayukukhuza yini isaga ngaye
bampongoloze iculo bebhinqa
benze imfumbe ngaye,
omunye wathi:
“ ‘Maye, kulowo owandisa okungesikho okwakhe,
kuyoze kube nini na? –
lowo ozethwesa umthwalo onzima ngezibambiso!
7Abayukuvuka yini ngokuzumayo
labo abakukhokhela inzuzo,
abayukuvuka bakuthuthumelise,
ube yimpango yabo na?
8Phela wena uziphangile izizwe eziningi,
yonke insali yabantu iyakukuphanga nawe,
ngenxa yokuchitha igazi labantu
nobudlova obenziwe ezweni nasemzini,
nakubo bonke abahleli kuwo.’
9Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe
ngokungalungile inzuzo embi
ukuba abeke isidleke sakhe phezulu
ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!
10Amacebo owenzile athele indlu yakho ngehlazo
ngokubulala abantu abaningi
wenza isono kuwe uqobo.
11Ngokuba amatshe ayakukhala esogangeni,
nomshayo uyakuphendula usophahleni.
12Maye, kowakha umuzi ngokuchitha igazi,
asekele umzana ngobubi!
13Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla,
ukuthi abantu bakhandleke
ukuze banelise umlilo,
nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?
14Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi
inkazimulo kaSimakade,
njengamanzi esibekela ulwadle.
15“Maye, kophuzisa umakhelwane wakhe,
athulule ulaka lwakhe, amdakise,
ukuze abuke ubunqunu bakhe!
16Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka,
uphuze nawe, ubalwe njengongasokile,
indebe yesandla sokunene sikaSimakade
iyakuza kuwe,
ihlazo libe phezu kodumo lwakho.
17Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa,
nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise,
ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu
nendluzula eyenziwe ezweni,
nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.
18Sisiza ngani isithombe,
ngokuba umbazi usibazile,
nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga,
ngokuba osibumbileyo wethembele kuwo
ngokwenza izithombe eziyizimungulu na?
19Maye kothi okhunini: ‘Vuka!’
athi kulo itshe elithule: ‘Sukuma!’
Kungafundisa yini lokhu na?
Bheka, kunanyekwe ngegolide nangesiliva,
akukho kuphefumula kukho.
20Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele;
thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHabhakuki 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo