UHabhakuki 2:1-3
UHabhakuki 2:1-3 ZUL20
Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngime embhoshongweni, ngibheke ukuba ngibone ukuthi uyakukhulumani ngami, nokuthi ngiyakuphendula ngithini ngokukhononda kwami. USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo. Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.



