KwabaseGalathiya 5

5
Inkululeko KuKhristu
1 UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. 2 Mina Pawula ngithi kini: uma nisoka, uKhristu akanalusizo lwalutho kini. 3 Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho. 4 Nahlukene noKhristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. 5 Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. 6 KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.
7 Benigijima kahle, pho ngubani onithiyile ukuba ningalilandeni iqiniso na? 8 Lokhu kuhehwa akuveli kulowo owanibizayo. 9 Imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama. 10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa. 11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano. 12 Sengathi bangazithena bona labo abanihluphayo.
Imisebenzi Yenyama Nezithelo ZikaMoya
13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando. 14 Ngokuba umthetho wonke uqoqwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
15 Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.
16 Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo. 17 Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo. 18 Kepha uma niholwa nguMoya, anikho neze phansi komthetho.
19 Imisebenzi yemvelo eyonakeleyo isobala, yilena: ubufebe, ukungcola, amanyala, 20 ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu, 21 umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu.
22 Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa, 23 ubumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho ongamelana nalezi zinto. 24 Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo. 25Uma siphila ngoMoya, masenze futhi okuhambisana noMoya. 26 Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo