U-Esteri 7

7
Ukuphanyekwa KukaHamani
1 Inkosi noHamani baya edilini lendlovukazi u-Esteri. 2 Ngosuku lwesibili edilini, besaphuza iwayini, inkosi yambuza okwesibili u-Esteri, yathi: “Ndlovukazi, Esteri, siyini isicelo sakho na? Uzosenzelwa. Ufunani-ke? Uyakunikwa noma kungaba yingxenye yombuso.”
3Indlovukazi u-Esteri yaphendula, yathi: “Uma ngifumene umusa kuwe nkosi, futhi kukuhle kuwe, mangibuyiselwe ukuphila kwami nokwabantu bakithi, yileso isicelo sami, yilokho engikucelayo. 4 Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”
5Inkosi u-Ahasheveroshi yabuza indlovukazi u-Esteri, yathi: “Ngubani lowo? Uphi lowo muntu onesibindi sokwenza into enjengalena na?”
6 U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.”
Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi. 7 Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa. 8 Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?”
Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani. 9 UHaribhona omunye wabathenwa ababephambi kwenkosi, wathi: “Kunesigxobo sokuphanyeka eside uHamani asimisele ukuphanyeka kuso uMoridekhayi, indoda eyasindisa impilo yakho, nkosi; singamakhubhithi angama-50 ubude.”
Inkosi yayaleza, yathi: “Mphanyekeni kuso!”
10 Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi.
Yayisibohla intukuthelo enkosini.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Esteri 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo