U-Esteri 5

5
U-Esteri Umema Inkosi NoHamani Edilini
1 Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni. 2 Ithe ukuba inkosi ibone indlovukazi u-Esteri imi egcekeni, yaba nomusa kuyo. Yayikhomba ngentonga yegolide eyayiyiphethe ngesandla. U-Esteri waya kuyo, wathinta isihloko sentonga yobukhosi.
3 Inkosi yathi kuye: “Kwenzenjani, ndlovukazi Esteri na? Ukhala ngani? Noma yini oyicelayo, ngisho kungaba yingxenye yombuso, uyoyinikwa.”
4 U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, mayize inkosi noHamani namuhla edilini engiyilungisele lona.”
5 Inkosi yathi: “Phuthumani nibize uHamani ukuze sikwazi ukwenza lokho okucelwe ngu-Esteri.”
Inkosi noHamani base beya edilini elalilungiswe ngu-Esteri. 6 Besaphuza iwayini, inkosi yathi ku-Esteri: “Ucelani na? Uzoyenzelwa. Ukhala ngani? Ngisho ingxenye yombuso uyoyinikwa.”
7U-Esteri wayesephendula wathi: “Nasi isicelo sami nengikunxusayo: 8 uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”
Ukujabula KukaHamani Neseluleko Sokuphanyeka UMoridekhayi
9 UHamani waphuma esigodlweni ejabule, umoya wakhe uthe cosololo ngalolo lusuku, kodwa kuthe lapho ebona uMoridekhayi esangweni lesigodlo, engamsukumeli noma athuthumele lapho embona, wagcwala intukuthelo, ethukuthelela uMoridekhayi, 10 kodwa wazibamba, wahamba waqonda emzini wakhe, wathumela, waqoqa abangani bakhe nomkakhe uZereshi, 11 waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi. 12UHamani wathi: “Ngisho nendlovukazi u-Esteri ayimemanga muntu omunye edilini ngaphandle kwami nenkosi, nakusasa ngiyaphindela, mina nenkosi isimemile, 13kodwa konke lokho akungenelisi uma nje ngisabona uMoridekhayi, umJuda, ehleli esangweni lesigodlo senkosi.”
14 Umkakhe uZereshi nabo bonke abangani bakhe bathi kuye: “Tshela abantu bagxumeke isigxobo sokuphanyeka esingamakhubhithi angama-50 ubude, bese ucela enkosini ekuseni ukuba kulengiswe kuso uMoridekhayi, uhambe nenkosi uyozitika ukhululekile.”
Leso seluleko samthokozisa uHamani, wayesesenza isiphanyeko.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Esteri 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo