UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo. UHathakhi wahamba wayotshela u-Esteri lokho okwakushiwo nguMoridekhayi. U-Esteri watshela uHathakhi umyalezo okwakufanele ukuba awuse kuMoridekhayi, othi: “Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.” Bambikela uMoridekhayi ngokwakushiwo ngu-Esteri. Wayesebuyisela impendulo ngabo, ethi ku-Esteri: “Ungacabangi ukuthi ngoba wena usesigodlweni uzosinda kubo bonke abaJuda. Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.” U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi: “Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.” UMoridekhayi wahamba wenza konke lokho u-Esteri ayemyale ngakho.
Funda U-Esteri 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 4:8-17
3 Days
The plan hopes to highlight God’s heart for the down-trodden, underprivileged, victims of abuse and discrimination. The study hopes to challenge people to stop dignifying discrimination and to recognize attitudes and practices that are oppressive and contribute towards restoring people’s God-given dignity.
6 Days
What advice do a few lesser known biblical figures have to give Millennials and/or Gen Z-ers? Find out in this 6-day Bible Plan.
10 Days
What if we don’t have to travel far to get close to people who are distant from God? What if Christians were the best neighbors? Would your street change? Would heaven be fuller? A long time ago, a religious leader asked Jesus how to get into heaven. Jesus answered with a question, then the story of the Good Neighbor. No surprise, 2000 years later Jesus’ story still explains how to neighbor. Join Pastor Craig Groeschel and Life.Church in a practical, story-filled guide to meeting your neighbors and loving them as yourself. But don’t just read it—live it!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo