Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo. Wafika uHathaki, wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi. Wayesethi u-Esteri kuHathaki, wayala ukuba kuthiwe kuMoridekayi: Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu. Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri. Wayesesho uMoridekayi ukuba babuyisele impendulo ku-Esteri ngokuthi: “Ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunabaJuda bonke. Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, wena nendlu kayihlo nibhubhe. Ngubani okwaziyo, uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?” U-Esteri wayesesho ukuba kubuyiselwe impendulo kuMoridekayi yokuthi: “Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.” Wayesehamba uMoridekayi, wenza njengakho konke u-Esteri amyale ngakho.
Funda U-Esteri 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 4:8-17
3 Days
The plan hopes to highlight God’s heart for the down-trodden, underprivileged, victims of abuse and discrimination. The study hopes to challenge people to stop dignifying discrimination and to recognize attitudes and practices that are oppressive and contribute towards restoring people’s God-given dignity.
6 Days
What advice do a few lesser known biblical figures have to give Millennials and/or Gen Z-ers? Find out in this 6-day Bible Plan.
10 Days
What if we don’t have to travel far to get close to people who are distant from God? What if Christians were the best neighbors? Would your street change? Would heaven be fuller? A long time ago, a religious leader asked Jesus how to get into heaven. Jesus answered with a question, then the story of the Good Neighbor. No surprise, 2000 years later Jesus’ story still explains how to neighbor. Join Pastor Craig Groeschel and Life.Church in a practical, story-filled guide to meeting your neighbors and loving them as yourself. But don’t just read it—live it!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo