Kwabase-Efesu 4

4
Ukwehlukana Kweziphiwo ZikaMoya Nobunye Bokukholwa
1 Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, 2 ngokuthobeka nobumnene, ngokubheka kade, nibekezelelane ngothando, 3 nishisekele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula; 4 munye umzimba, munye uMoya; njengalokhu nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; 5 yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhabhadiso, 6 munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, futhi ophakathi kwabo bonke.
7 Kepha yilowo nalowo phakathi kwethu, uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKhristu. 8 Ngakho kuthi:
“Esenyukele phezulu wathumba ababethunjiwe,
wapha abantu izipho.”
9 Kusho ukuthini ukuthi wenyuka, uma kungesikho ukuthi wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? 10 Lowo owehlayo, nguYena owenyukela phezu kwamazulu wonke, ukuze akuphelelise konke.
11 NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, 12 ukuze bahlomisele abangcwele umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKhristu; 13 size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu bokuphelela kukaKhristu, 14 ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo. 15 Kepha sithi sibambelele eqinisweni ngothando, sikhule ngakho konke kuKhristu, oyinhloko, 16 okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo, ngokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, ukuba kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.
Izono Zabangakholwayo
17 Ngakho-ke ngiyafakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo, 18 abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, 19 okuthe bangalahlekelwa ngukuzisola, bazinikela emanyaleni amakhulu, ukuze benze ukungcola konke ngokuhuheka.
20 Kepha nina animfundanga uKhristu kanjalo, 21 uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, 22 ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo, 23 nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, 24 nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
25 Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye. 26 Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. 27 Ningamniki uSathane indawo.
28 Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.
29 Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo. 30 Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa. 31 Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi. 32 Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo