IDutheronomi 6

6
Umyalelo, Izimiso Nezehlulelo KukaSimakade
1 “Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla, 2ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho. 3 Yizwa-ke Israyeli, uqikelele ukukwenza, ukuze kube kuhle kuwe, nande kakhulu, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakho akuthembisa izwe elichichima ubisi noju.
4 “Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye. 5 Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho. 6Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho. 7 Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka. 8 Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. 9 Ubowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.
10 “Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni afunga ngalo kokhokho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uzoninika lona: imizi emikhulu nemihle ongayakhanga, 11 izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe, 12 kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.
13 “Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe. 14Aniyukulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezile 15 ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba.
16 “Ningamlingi uSimakade uNkulunkulu wenu, njengalokhu namlinga eMasa. 17 Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho. 18Uyokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaSimakade, ukuze kube kuhle kuwe, ungene, ulidle lelo lizwe elihle uSimakade afunga kokhokho bakho 19ukuthi uzozixosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokhu ekhulumile uSimakade.
20 “Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Bufakazi buni, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wethu aniyala ngakho, na?’
21“Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla. 22USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu, 23wasikhipha lapho ukuze asingenise, asinike izwe alifungela kokhokho bethu. 24 USimakade wasiyala ukuba senze zonke lezo zimiso, simesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, ukuze kube kuhle kithi njalo, asigcine siphilile njengoba kunjalo namuhla. 25 Kuyakuba ngukulunga kithi, uma siqaphela ukuyenza yonke le miyalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, njengalokhu esiyalile.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo