KwabaseKholose 4

4
Ukuqinisela Emthandazweni
1 Makhosi, ziphatheni kahle nangokufaneleyo izinceku zenu, nikhumbule ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga. 3 Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo, 4 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. 5 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. 6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
UThikhikhu No-Onesimu
7 UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami. 8 Ngimthumele kini ngenxa yakho lokho ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, futhi agqugquzele izinhliziyo zenu. 9 Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha.
Isivaleliso
10 Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni, 11 noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. 13 Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi. 14 Uyakhonza kini uLuka, inyanga ethandekayo, noDema. 15 Khonzani kubazalwane baseLawodikheya, nakuNimfa, nebandla elihlanganela endlini yakhe.
16 Kuyakuthi uma le ncwadi seniyifundelwe, bese niqinisekisa ukuthi iyafundwa nasebandleni laseLawodikheya, nani niyifunde leyo ncwadi evela eLawodikheya.
17 Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”
18 Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseKholose 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo