IZenzo 18:24-28

IZenzo 18:24-28 ZUL20

UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu. Yena wayeyifundisiwe indlela yeNkosi, evutha emoyeni, wakhuluma, wafundisa ngokucacile ngezindaba eziqondene noJesu, kodwa wayazi kuphela umbhabhadiso kaJohane. Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu. Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa, ngokuba wabaphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKhristu.

Funda IZenzo 18