IzEnzo 18:24-28

IzEnzo 18:24-28 ZUL59

UmJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu. Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela; yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni.* Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu. Esethanda ukudlulela e-Akhaya, abazalwane balobela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa, ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Funda IzEnzo 18