2 KaPhethro 2

2
UPhethro Uxwayisa Ngabafundisi Bamanga
1Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo. 2 Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa, 3 futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
4 Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni, 5 engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu. 6 Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu. 7 Kepha wamhlenga uLothi owayelungile, owayekhathazwe ngamanyala axakile ayenziwa ngabangenamthetho. 8 Ngokuba leyo ndoda elungileyo, eyayihlala phakathi kwabangalungile, nsuku zonke yadatshukiswa ukuzwa nokubona izenzo zabo ezimbi zokungamesabi uNkulunkulu. 9 Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa, 10 ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo, 11 nakuba izingelosi zibedlula ngobuqhawe nangamandla, kodwa azibahlebi ngokuletha izehlulelo ezimelene nabo eNkosini. 12 Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo. 13 Bayakwemukeliswa isijezo esifanele ukwenza kwabo okubi. Bacabanga ukuthi ukutamasa nokuminza imini yonke kungukujabula, kepha bayizisihla nehlazo bezitika ekuzikhohliseni kwabo, okunenza nibe namahloni uma bedla nani. 14 Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo. 15 Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile. 16Kepha wasolwa ngesiphambeko sakhe. Imbongolo engakhulumi yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqanda isenzo sokuhlanya somphrofethi.
17 Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama. 18 Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo. 19 Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho. 20 Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo. 21 Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe. 22 Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”

Okuqokiwe okwamanje:

2 KaPhethro 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo