2 KwabaseKhorinte 9

9
Ngokunikela Nangesibusiso Esivela Ngokunikela
1 Mayelana nokukhonza abangcwele, akuswelekile ukuba nginilobele, 2 ngokuba ngiyayazi intshisekelo yenu engihlala nginitusa ngayo kwabaseMakhedoniya, ukuthi abase-Akhaya bazilungiselele kusukela nyakenye ukunikela, nokuthi ugqozi lwenu lugqugquzele abaningi. 3 Kepha ngithume abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungaphenduki kube yize maqondana nalokhu, ukuze, njengalokhu bengisho, nibe senizilungisele, 4funa uma sengifika nabaseMakhedoniya banifumane ningazilungiselele, bese siyaphoxeka singasakwazi ukunitusa ngalo msebenzi. 5Ngakho ngikubona kudingeka ukuba ngibagqugquzele abazalwane ukuba bahambe beze kini kuqala, ukuze balungisele kuqala lesi sipho nesibusisekile kangaka esethenjiswa sona phambilini, ukuze sihlale silungisiwe, sibe yisibusiso, singabi njengesokuncishana.
6 Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. 7 Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza. 8 UNkulunkulu unamandla okuninika umusa wonke uchichime, ukuze nithi ninokwaneleyo ngezikhathi zonke, nichichime emisebenzini yonke emihle. 9 Njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Uyahlaphaza, aphe abampofu,
ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.”
10 Kepha lowo onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa, uyakuninika ngokuphindiwe inhlwanyelo yenu, aphinde andise isivuno sokulunga kwenu, 11 ukuze nithi nicetshisiwe kokuningi nibe ngabaphanayo, okuyakuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12 Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo, akuqedi nje ukweswela kwabangcwele, kodwa kwenza ukuba kuvame ukubonga uNkulunkulu kwabaningi. 13 Ngokuvivinyeka kwale nkonzo, abantu badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela, nangokuvuma kwenu ivangeli likaKhristu, nangenxa yokuphana kubo, nakubo bonke abanye, 14benilangazelela; bayanikhulekela ngenxa yomusa kaNkulunkulu okini omkhulu kakhulu. 15 Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingachazekiyo.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KwabaseKhorinte 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo