UJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, waphindela emuva esigodlweni sakhe eJerusalema, ephephile. UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho. Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”
Funda 2 IZikhronike 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 IZikhronike 19:1-3
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo