1 USamuweli 31:1-4

1 USamuweli 31:1-4 ZUL20

AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa. AmaFilisti amhubha uSawule namadodana akhe. AmaFilisti abulala uJonathani, u-Abhinadaba, noMalikhi Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo. USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.