1 uSamuweli 31:1-4
1 uSamuweli 31:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa. AmaFilisti amhubha uSawule namadodana akhe. AmaFilisti abulala uJonathani, u-Abhinadaba, noMalikhi Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo. USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.
1 uSamuweli 31:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.
1 uSamuweli 31:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kuSawule, abacibishelayo bamshaya; futhi walinyazwa kakhulu ngabacibishelayo. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo.