1 KaJohane 2

2
UJesu Khristu UnguMmeli Wethu
1 Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo. 2 Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.
3Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe. 4 Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso. 5 Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye. 6 Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.
Umyalo Omusha
7 Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwayo. 8 Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya.
9 Umuntu othi usekukhanyeni, kodwa abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube manje. 10 Othanda umzalwane wakhe, uhlala ekukhanyeni; akukho sikhubekiso kuye. 11 Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. 12 Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe. 13 Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. 14 Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kusukela kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla; izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.
Akumele Kuthandwe Izwe
15 Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise. 16 Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni. 17 Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Ukufika Komphikukhristu
18 Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. 19 Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.
20 Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke. 21 Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni. 22 Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye lowo ophika ukuthi uJesu unguKhristu na? Yilowo ongumphikukhristu, ophika uYise neNdodana. 23 Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise, kodwa oyivumayo iNdodana unaye noYise.
24 Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kini. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise. 25 Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.
26 Nganilobela lokho maqondana nalabo abanidukisayo. 27 Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.
28 Namanje bantwanyana, hlalani kuye ukuze kuthi nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni phambi kwakhe lapho efika.
29 Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KaJohane 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo