1 IZikhronike 15

15
Ukuyiswa Komphongolo KaSimakade EJerusalema
1 UDavide wakha izindlu emzini wakhe, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela ithende. 2 UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.”
3 UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona. 4 UDavide waqoqa amadodana ka-Aroni nabaLevi. 5Ozalweni lukaKhohathi: u-Uriyeli umholi, nabafowabo, beyi-120; 6ozalweni lukaMerari: u-Asaya umholi, nabafowabo, bengama-220; 7ozalweni lukaGereshomu: uJoweli umholi, nabafowabo, beyi-130; 8ozalweni luka-Elizafani: uShemaya umholi, nabafowabo, bengama-200; 9ozalweni lukaHebhroni: u-Eliyeli umholi, nabafowabo, bengama-80; 10ozalweni luka-Uziyeli: u-Aminadaba umholi, nabafowabo, beyi-112.
11 UDavide wabiza uZadoki, u-Abhiyathara, abaphristi, abaLevi, u-Uriyeli, u-Asaya, uJoweli, uShemaya, u-Eliyeli no-Aminadaba. 12 Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona. 13Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.”
14 Abaphristi nabaLevi base bezingcwelisa ukuze bakhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. 15 Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade.
16 UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.
17AbaLevi base bebeka uHemani, indodana kaJoweli, nakubafowabo babeka u-Asafa, indodana kaBherekhiya, nasemadodaneni kaMerari, abafowabo, u-Ethani, indodana kaKhushaya. 18Babekanye nabafowabo besigaba sesibili: uZakhariya, uBheni, uJahaziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uBhenaya, uMahaseya, uMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, noJehiyeli, abalindisango. 19Abahlabeleli: uHemani, u-Asafa, no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali ethusi. 20 UZakhariya, u-Aziyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya, noBhenaya bashaye izingubhu ezilungiselwe i-Alamothi. 21 UMathithiya, u-Elifelehu, uMikhineya, u-Obhede Edomi, uJehiyeli, no-Azaziya, babephethe amahabhu alungiselwe iSheminithi ukuba bahole. 22UKhenaniya, umholi wabaLevi, wayengamele umsebenzi wokuthwala, efundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi.
23UBherekhiya no-Elikhana babengabalindisango bomphongolo. 24 UShebhaniya, uJehoshafathi, uNethaneli, u-Amasayi, uZakhariya, uBhenaya, u-Eliyezeri, abaphristi, babeshaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu. U-Obhede Edomi noJehiya bona babengabalindisango bomphongolo.
25 KwakunguDavide, namalunga akwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane abahamba bethokoza bayokhuphula umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endlini ka-Obhede Edomi. 26Kwathi lapho uNkulunkulu esebasizile abaLevi, abathwali bomphongolo wesivumelwano sikaSimakade, base benikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. 27UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, njengabo bonke abaLevi ababethwele umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya umholi wabahlabeleli. UDavide wayenengubo yamahlombe yelineni. 28Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.
29Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade usungeniswa emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza ngefasitela, wabona inkosi uDavide isina, igida; wayedelela enhliziyweni yakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 IZikhronike 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo