KwabaseRoma 13:8-14

KwabaseRoma 13:8-14 ZUL59

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho. Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso. Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya. Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu; kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.