Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa. Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi. Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza. Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho. Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.
Funda KwabaseRoma 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 13:1-7
16 Days
Considered one of the most theologically rich books of the New Testament, Romans is a treatise on the theology of salvation. Beginning with the hopelessness of our sin-filled state, Paul shows how God provides righteousness to His people through Jesus Christ. In Romans, we are reminded that justification does not come from status or moral achievement but from belief in the substitutionary death and glorious resurrection of Jesus Christ.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo