KwabaseRoma 10:1-4

KwabaseRoma 10:1-4 ZUL59

Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.