AmaHubo 63:2-5

AmaHubo 63:2-5 ZUL59

Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa. Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.