AmaHubo 63

63
Ukulangazelela uNkulunkulu
Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda.
1 Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.
2 Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,
ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.
3Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
4 Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.
5Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;
umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.
6Nxa ngikukhumbula ecansini lami,
ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
7 Ngokuba ungisizile;
ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.
8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe;
esokunene sakho siyangiphasa.
9 Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala
bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.
10Bayakunikelwa esandleni senkemba,
babe yisabelo sezimpungushe.
11 Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu;
bonke abafunga yena bayakuzibonga;
ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 63: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo