AmaHubo 63:1-11

AmaHubo 63:1-11 ZUL59

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona. Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa. Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo. Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku. Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho. Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa. Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi. Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe. Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.