AmaHubo 5

5
Umkhuleko wocela ukuvikelwa kwababi
Kumholi wokuhlabelela. NgeNehiloti.* Ihubo likaDavide.
1 Yizwa amazwi ami, Jehova,
uqaphele ukuzindla kwami.
2Yizwa izwi lokukhala kwami,
Nkosi yami, Nkulunkulu wami,
ngokuba ngithandaza kuwe.
3 Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
4Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;
omubi akanakuhlala kuwe.
5Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;
uyabazonda bonke abenza okubi.
6 Uyabhubhisa abakhuluma amanga;
uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho
ngobuningi bomusa wakho,
ngikhothame ngokukuhlonipha,
ngibhekene nendawo yakho engcwele.
8 Jehova, ngihole ngokulunga kwakho
ngenxa yezitha zami,
ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
9 Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo;
izibilini zabo zingukonakala:
umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;
bayathopha ngolimi lwabo.
10Balahle ngecala, Nkulunkulu.
Mabawe ngenxa yamacebo abo,
ubawise ngobuningi beziphambeko zabo,
ngokuba bahlubukile kuwe.
11 Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe,
bahalalise kuze kube phakade,
abathanda igama lakho bethabela kuwe.
12 Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;
umphahla ngomusa njengesihlangu.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 5: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo