AmaHubo 4

4
Umkhuleko womethemba uNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo likaDavide.
1Ngiphendule ekukhaleni kwami,
Nkulunkulu wokulunga kwami.
Ekucindezelweni wangenzela indawo;
yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
2Madodana abantu,
koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na?
Koze kube nini nithanda okuyize,
nifuna amanga, na? Sela*
3Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo;
uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.
4 Thukuthelani ningoni;
zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu,
nithule. Sela*
5 Nikelani iminikelo yokulunga,
nethembe uJehova.
6 Baningi abathi:
“Ngubani oyakusibonisa okuhle na?”
Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
7 Ubeke injabulo enhliziyweni yami
edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.
8 Ngizakucambalala ngokuthula,
ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 4: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo