Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami. Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe. Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi. Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso. Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele. Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami. Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo. Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, ubawise ngobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bahlubukile kuwe. Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe. Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.
Funda AmaHubo 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 5:1-12
7 Days
Each of us is sure to suffer at some point in our lives. As a counselor, I’ve seen sufferers transformed. I’ve seen those once debilitated by trauma learn to suffer well. In this brief devotional, I pray that you will realize that your story is not over. You may experience suffering, but you can suffer well. You can ask, What’s next? instead of getting stuck asking, Why? You can become resilient.
21 Days
Learn how best to pray, both from the prayers of the faithful and from the words of Jesus Himself. Find encouragement to keep taking your requests to God every day, with persistence and patience. Explore examples of empty, self righteous prayers, balanced against the pure prayers of those with clean hearts. Pray constantly.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo