Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.
Funda AmaHubo 34
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 34:1-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo