AmaHubo 34

34
Ukubonga umusa kaNkulunkulu
ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.
1 Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;
abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
3Mtuseni uJehova kanye nami,
siphakamise igama lakhe kanyekanye.
4Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5Babheka kuye phezulu, bakhanya;
ubuso babo abusoze bajabha.
6Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
9 Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,
ngokuba abasweli lutho abamesabayo.
10 Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
11Zanini, bantwana, ningilalele;
ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,
ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?
13 Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.
14 Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge.
15 Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi
ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17 Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
19Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20 Uyawagcina onke amathambo akhe;
alaphulwa nelilodwa kuwo.
21Okubi kuyakumbulala omubi;
abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 34: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo