AmaHubo 20

20
Abakwa-Israyeli bakhulekela inkosi yabo
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.
1 UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka;
igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.
2Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele,
akusekele ngamandla aseSiyoni.
3Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa,
awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*
4 Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke.
5Siyahalalisa ngensindiso yakho,
siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu;
uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
6Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe:
esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula
ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.
7 Abanye izinqola, abanye amahhashi,
kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.
8Bayathoba, bawe;
kepha thina siyavuka, sime.
9Sindisa, Jehova!
INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 20: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo