AmaHubo 130
130
Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa
Igama lokukhuphuka.
  1 Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
  2Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
  3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko,
Nkosi, ngubani ongema na?
  4 Kepha ukuthethelela kukuwe,
ukuze wesatshwe.
  5Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe.
  6Umphefumulo wami uyalindela iNkosi
kunabalindi belindela ukusa.
  7 U-Israyeli makamethembe uJehova,
ngokuba umusa ukuJehova,
nokukhulula okuningi kukuye.
  8 Uyakumhlenga u-Israyeli
eziphambekweni zakhe zonke.
      Okuqokiwe okwamanje:
AmaHubo 130: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.