AmaHubo 129

129
Ubuthakathaka bezitha zeSiyoni
Igama lokukhuphuka.
1Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami,
makasho njalo u-Israyeli.
2Bangihluphile kakhulu,
nokho abangahlulanga.
3 Abalimi balima emhlane wami,
benza ibe mide imisele yabo.
4UJehova ulungile;
unqumile izintambo zababi.
5Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva
bonke abazonda iSiyoni.
6 Mababe njengotshani ophahleni,
obubuna bungakakhuli.
7Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe,
nobopha izinyanda izingalo zakhe.
8 Abadlulayo abasho ukuthi:
“Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu;
siyanibusisa egameni likaJehova.”

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 129: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo