AmaHubo 119:49-72

AmaHubo 119:49-72 ZUL59

Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami. Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.