IzAga 15:26-30

IzAga 15:26-30 ZUL59

Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova, kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa. Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila. Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi. UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo. Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.

Funda IzAga 15