IzAga 15

15
1 Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.
2 Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi,
kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
3 Amehlo kaJehova asezindaweni zonke;
aqaphela ababi nabahle.
4Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.
5 Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,
kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
6 Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi,
kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.
7Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi,
kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.
8 Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova,
kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
9 Indlela yababi iyisinengiso kuJehova,
kepha uyamthanda olandela ukulunga.
10Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela;
ozonda ukusolwa uyakufa.
11 Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova;
kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
12 Isideleli asithandi ukusolwa;
asiyi kwabahlakaniphileyo.
13 Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle,
kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.
14Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,
kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
15Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,
kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.
16 Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.
17 Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono
kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.
18 Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,
kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
19Indlela yevila injengothango lobobe,
kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.
20 Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,
kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
21 Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,
kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
22 Lapho kungekho khona ukululekana,
amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
23 Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!
24Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezulu
ukuba adede endaweni yabafileyo phansi.
25 Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula,
kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
26Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova,
kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.
27 Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe,
kepha ozonda imivuzo uyakuphila.
28Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,
kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi,
kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.
30Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo,
nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
31Indlebe elalela ukusola kokuphila
iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.
32 Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe,
kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.
33 Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;
ukuthobeka kuyandulela udumo.

Okuqokiwe okwamanje:

IzAga 15: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo