IzAga 11

11
1 Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova,
kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.
2 Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.
5Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe,
kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.
6 Ukulunga kwabaqotho kuyabophula,
kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.
7 Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe,
nethemba lobubi liyabhubha.
8 Olungileyo uyakhululwa osizini,
kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.
9Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
10 Nxa abalungileyo behlezi kahle,
umuzi uyathokoza;
lapho bebhubha,
kukhona ukwenanela.
11Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,
kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,
kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14 Lapho kungekho iziluleko,
abantu bayawa,
kepha lapho kukhona abeluleki abaningi,
lapho kukhona ukuphumelela.
15 Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi,
kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.
16Owesifazane onomusa uzuza udumo,
nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
17Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe,
kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
18 Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.
19Oqinile ekulungeni uyakuphila,
kepha olandela okubi,
kuyakuba ngukufa kwakhe.
20 Abanhliziyo ephambeneyo
bayisinengiso kuJehova,
kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
21 Impela omubi akayekwa,
kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
22Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube,
unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23 Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;
ithemba lababi lilulaka.
24 Ukhona ohlakazayo;
nokho uyenezelwa kakhulu;
kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26Ogodla amabele,
abantu bayamqalekisa,
kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.
27Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo,
kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.
28 Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa,
kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya,
nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30 Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila,
nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.
31 Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni;
kakhulu kangakanani omubi nesoni.

Okuqokiwe okwamanje:

IzAga 11: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo