IzAga 10

10
Indlela yokulunga nendlela yobubi
1 Nazi izaga zikaSolomoni:
Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
2 Ingcebo yobubi ayisizi lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni.
3UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe,
kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.
4 Isandla esinobudenge siveza ubumpofu,
kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.
5 Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo;
olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
6 Izibusiso zisekhanda lolungileyo,
kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.
7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola.
8Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.
9Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
10 Oqwayiza iso ubanga usizi,
kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.
11 Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila,
kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
12 Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
13 Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha,
kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
14 Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi,
kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.
15 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.
16 Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila;
inzuzo yababi ingeyokona.
17 Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.
18Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula.
19Lapho amazwi emaningi khona,
akuphuthi ukuphambeka;
obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.
20Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane.
21Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi,
kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
22 Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso.
23 Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula;
kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.
24Akwesabayo omubi kuyamehlela,
nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.
25 Lapho sidlula isivunguvungu,
akasekho omubi,
kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
26Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni,
linjalo ivila kwabalithumileyo.
27 Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku,
kepha iminyaka yababi iyancishiswa.
28 Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
29Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,
kepha incithakalo ikubenzi bokona.
30 Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade,
kepha ababi abayikuhlala ezweni.
31 Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha,
kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.
32Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

Okuqokiwe okwamanje:

IzAga 10: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo