UNumeri 16:47-49

UNumeri 16:47-49 ZUL59

U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose, wagijima phakathi kwebandla; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; isifo sanqamuka. Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora.