UNumeri 16

16
Ukwambuka nokujeziswa kukaKora noDathani no-Abiramu
1UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda, 2bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo; 3babahlanganyela oMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?”
4UMose esekuzwile wawa ngobuso bakhe; 5wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye. 6Yenzani lokhu: zithabatheleni imicengezi yomlilo, wena Kora neviyo lakho lonke, 7nifake kuyo umlilo, nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova, abengcwele; sekwanele okwenu, madodana kaLevi.”
8UMose wathi kuKora: “Ake nizwe, madodana kaLevi: 9 kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele* likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza, 10nokuthi ukusondezile wena, nabafowenu bonke, amadodana kaLevi, kanye nawe na? Senifisa nobupristi futhi na? 11Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?”
12UMose wathuma wabiza oDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe; bathi: “Asiyikukhuphuka; 13kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na? 14Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alaba bantu na? Asiyikukhuphuka.”
15 UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.”
16UMose wayesethi kuKora: “Wena yiba nayo yonke inhlangano yakho phambi kukaJehova kusasa, wena, nabo, no-Aroni; 17thabathani, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, nibeke impepho kuyo, nilethe phambi kukaJehova kube yilowo nalowo umcengezi wakhe, imicengezi yomlilo engamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nawe futhi no-Aroni, kube yilowo nalowo umcengezi wakhe.” 18Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni. 19UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano. 20UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 21“Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”
22 Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”
23UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 24“Yisho kuyo inhlangano, uthi: ‘Khuphukani ngasekamu* likaKora nelikaDathani nelika-Abiramu.’ ”
25UMose wavuka waya kuDathani naku-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela. 26Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.” 27Base bekhuphuka ekamu* likaKora nelikaDathani nelika Abiramu nxazonke; oDathani no-Abiramu baphuma, bema ngasemnyango wamatende abo kanye nawomkabo, namadodana abo, nezingane zabo.
28UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo. 29Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga. 30Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”
31Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka; 32 umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke. 33Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni. 34Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”
35Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.
36UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 37“Yisho ku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele, 38imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.”
39U-Eleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba yisimbozo se-altare, 40ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.
41Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”
42Kwathi inhlangano isibahlanganyele oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaJehova yabonakala. 43OMose no-Aroni bafika ngaphambi kwetende lokuhlangana. 44UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 45“Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.
46UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.” 47U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose, wagijima phakathi kwebandla; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. 48Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; isifo sanqamuka. 49Abafile ngesifo babe yizinkulungwane eziyishumi nane namakhulu ayisikhombisa ngaphandle kwalabo abafa ngendaba kaKora. 50U-Aroni wabuyela kuMose ngasemnyango wetende lokuhlangana; isifo sanqamuka.

Okuqokiwe okwamanje:

UNumeri 16: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo