Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?” UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.” Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?” Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.
Funda NgokukaLuka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 6:1-11
8 Days
In a busy world, we have to make space for the things that matter most. We have to learn to apply godly wisdom that will help you incorporate these activities into your busy life. In some cases, you will find that you are doing the wrong things. Or you might find that you are doing the right things for the wrong reason or in the wrong way, so they are not life-giving or fulfilling.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo