UJoweli 2:25-28

UJoweli 2:25-28 ZUL59

“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu. Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono

Funda UJoweli 2