UJobe 18

18
Inkulumo yesibili kaBilidadi: ongenaNkulunkulu uyachithwa impela
1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2 “Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na?
Qondani, andukuba sikhulume.
3Kungani ukuba sithiwe siyizilwane,
singcolile emehlweni enu, na?
4Wena ozidwengula olakeni lwakho,
umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho,
nedwala lisuswe endaweni yalo, na?
5 Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka,
nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.
6Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe,
nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.
7Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa;
amasu akhe ayamlahla phansi.
8Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni,
uhamba phezu kweveku.
9Isicupho siyakumbamba ngesithende;
ifolo liyakumbamba.
10Uthukuselwe inkintshela emhlabathini,
nesihibe emgwaqweni.
11 Ingebhe iyakumethusa nxazonke;
iyamzingela ezinyathelweni zakhe.
12Ububi buyakumlambela,
ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.
13Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa,
yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.
14 Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo,
ayiswe enkosini yengebhe.
15Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe,
kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.
16Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi;
phezulu kuyabuna amagatsha akhe.
17 Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni,
angabi negama ezweni.
18Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni,
axoshwe ezweni.
19 Akayikuba nandodana namzukulwana phakathi kwabantu bakhe;
akuyikuba khona lapho egogobala khona.
20Abasentshonalanga bayethuswa lusuku lwakhe,
nabasempumalanga babanjwa ngukwesaba.
21Impela zinjalo izindlu zaboni;
injalo indawo engamazi uNkulunkulu.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 18: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo