UJobe 12

12
UJobe uphendula inkulumo yokuqala kaSofari: phambi kukaSomandla, amandla nokuhlakanipha komuntu, akulutho
1Wayesephendula uJobe, wathi:
2“Impela yinina eningabantu;
ukuhlakanipha kuyakufa nani.
3 Kodwa nami nginengqondo njengani,
angahlulwa yinina;
ngubani ongazazi izinto ezinje na?
4Ngiyisigcono somngane wami,
ngowambiza uNkulunkulu,
waphendula;
olungileyo nongenasici uyisigcono.
5Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;
kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.
6 Amatende abacindezelayo anokuthula;
abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka,
abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.
7Kepha mawubuze izinkomo,
ziyakukufundisa,
nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.
8Khuluma kuwo umhlaba,
uyakukufundisa,
nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.
9Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho
ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?
10 Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo,
nomoya wenyama yabantu bonke.
11 Indlebe ayivivinyi yini amazwi,
njengolwanga lunambitha ukudla, na?
12Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,
nasebudeni bezinsuku ukuqonda.
13“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;
unesu nokuqonda.
14 Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa;
uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.
15Bheka, uyavimba amanzi, ashe;
uyawathumela agumbuqele umhlaba.
16Kuye kukhona amandla nokusizwa;
odukisiweyo nodukileyo bakuye.
17 Umukisa abaluleki bephangiwe;
uyenza abahluleli babe yiziwula.
18Uthukulula izibopho zamakhosi,
awabophe ezinkalweni ngamaketanga.
19Umukisa abapristi bephangiwe,
aphenule abemiyo njalo.
20Uyasusa ulimi lwabathembekileyo,
aphuce amalunga ukuqonda.
21 Uthela izikhulu ngehlazo,
akhumule imbonya yonamandla.
22 Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni,
akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.
23 Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa;
ukhulisa izizwe, abesezisusa.
24Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo,
azidukise ehlane elingenandlela.
25Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya,
uyazintengantengisa njengesidakwa.

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 12: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo